kafishane nge silo uzondamagwala
About Us
History
Ukuzalwa kwesilo uSimakade Ka Zwelithini
Ingonyama uSimakadesamakhosi akelami muntu, ungowokuqala nqa ezinganeni ze Silo uZwelithini, yilapho esazibona ubudoda khona.
Ekuzalweni kwayo ke, kuthiwa kwaphela unyaka wonke ingonyama ingenalo igama, ngoba isilo sasifise ukumetha. Kodwa uma belibuza abakwa Mthenjana igama lakhe isilo sithi sisalinde izinyandeZulu ukuba zisho ukuthi kuyoba ubani igama lakhe.
Umkhulu womntwana ozala unina waze wathi uSbongosakhe, ngisho ikhadi lomgomo lakhe ngu Sbongosakhe.
Kuthe emva konyaka, bevakashise iNgonyama uSimakade kwakhetha isengumntwana, Isilo UZwelithini savuka ekuseni sathi “Dinuzulu ngiliphuphile namuhla igama lalengane, kuthiwa uSimakadesamakhosi”
Unina womntana akhuze ababaze athi “hawu Bayede ungaze umbize ngo Nkulunkulu pho”, akusho mina kusho abangiphethe nami.
Naming of the king
Ukukhula kwesilo uSimakade
Yakhula ke ingonyama, iSilo uZwelithini saxegisa kunina womntwana kwaze kwangathi buyaphela ubudlelwano babo. Kuthe ngo June 1976 unina wengonyama uSimakade umama uDudu Mthenjana kwafika abakhongi bakwa Mwelase bezomcela, ngaleso sikhathi wayefundela ubuhlengikazi eNquthu.
Isilo UZwelithini sezwa ukuthi bekunabantu kwa Mthenjana, sathukuthela sagana unwabu, sathatha imoto saqonda eNquthu lapha okwakufunda khona umama weNgonyama uSimakade, sithi uvumelani ukuyogana sikhona sona isilo.
Kuthe ngo July 1976, isilo sathumela abakhongi kwa Mthenjana, omunye wabo kwakungu Mnum u Jerry “Ngilandi”, abakwa Nongoma ke bayamazi.
Unina we Ngonyama uSimakade wabavuma abakhongi basendlunkulu, uMnu Mthenjana wathi, “Kakade izinkomozikhishwa ngezinye”. Useyobuyisela abakwa Mwelase, kanti akabuzanga elangeni.
UMwelase wawotha ubovu, kuthe kungazelele wathwalwa abakwa Mvelwase umama UDudu wagcina ke endele kwa Mwelase. Ngelishwa ke izinto azihambanga kahle emendweni emva kweminyaka eli -10, wabuya ekhaya kwa Nongoma.
Isilo sasimthanda umama uDudu, kwaba ukuzwa nje ukuthi ubuyile, samfuna babuyelana, baphinde bazala ingane neSilo, ngeshwake yayela emanzini ivakashe eGoli, yakhothama ineminyaka eyisi -8.